Iphupho Lomdansi we-Bhaleyi
R120
Eneminyaka amithathu, uMichaela DePrince wathola isithombe somdansi we-bhaleyi esasizoguqula ukuphila kwakhe unomphelo. Ngaleyonkathi wayehlala endaweni ezintandaneni e-Sierra Leone, kodwa maduzane watholwa umndeni othile wayiswa eMelika.
In stock
Description
Nakuba ekuqaleni wayengazi ukuthi i-bhaleyi iyini akasikhohlwanga isithombe somdansi we-bhaleyi ake wasibona. Wayefisa ukujabula njengalomdansi. Lapho umama owamtholayo ebona ukuzimisela kwakhe nge-bhaleyi, waqalisa ukumyisa ezifundweni ze-bhaleyi. Selokhu adansa kusuka lapho kuze kube manje. UMichaela waqokwa njengomdansi osemqoka omncane kunabo bonke ku-Dance Theatre yase-Harlem. Manje udansa ne-Dutch National Ballet, inkampani ephezulu ye-bhaleyi yasemandulo. UMichaela waba ngumlingisi oyinhloko ku-First Position, idokhumentari eyawina umklomelo. Usebonakale kaningi kuthelevishini kuhlanganise i-Dancing with the Stars ne-BBC News.